Main Article Content

Ukuhlaziywa kwemizwa ecashile equkethwe amagama emizi yakwaMkhwanazi KwaSomkhele


Nobuhle Ndimande-Hlongwa
Bongephiwe Dlamini

Abstract

Leli phepha liphenya ngokwethiwa kwamagama emizi yakwaMkhwanazi ngenhloso yokuhlaziya imizwa ecashile equkethwe amagama. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi obeludingeka, ngoba bekugxilwe kuphela emizini yakwaMkhwanazi kwaSomkhele, eMtubatuba. Kube nezingxoxo nabantu abadala bakulesi sizwe abasikhanyisele ngomlando wamagama emizi. Kwenziwa uhlaka lwemibuzo eyayizobuzwa ngesikhathi sezingxoxo njengethuluzi lokuqoqa ulwazi. Kusetshenziswe insizakuhlaziya yeHermeneutics kanye neyeMimesis ukuhlaziya ulwazi oloqoqwe ngesikhathi kwenziwa izingxoxo. Abacwaningi bathole ukuthi abantu bakwaMkhwanazi bafuduka eSwazini, beza eNingizimu Afrika ngesikhathi kubusa inkosi uDingiswayo. Batholakala kakhulu eMtubatuba eNyakatho neKwaZulu-Natali. Indawo yaseMtubatuba yethiwa leli gama emva kweNkosi uMtubatuba owayeyiNduna eyasebenza isikhathi eside esizweni samaZulu. Kwezinye zezinto ezitholakele kuvela ukuthi abantu basebenzisa ubuciko ukwetha amagama nokudlulisa izinto ezingabaphethe kahle. Sibuye sathola ukuthi amanye amagama emizi ethiwe ukugwema inkulumo eqondile nokuvika ingxabano. Sathola nokuthi inhlonipho ibambe iqhaza elikhulu nayo ekugwemeni ingxabano. Kuvelile futhi ukuthi ukwethiwa kwamagama emizi yesizwe sakwaMkhwanazi kukhombisa ukubaluleka kokulondolozwa kwamasiko.


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117