Main Article Content

Ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma: kubhekwa kabanzi ingosi yesiminyaminya emgwaqeni no- Ayanda Msweli woKhozi FM The use of figures of speech on the road traffic update with Ayanda Msweli of uKhozi FM


Melusi Ernest Msomi
Mpho Siphosenkosi Mhlungu
Dumisani Khumalo

Abstract

Leli phepha lihlaziya izimo zokukhuluma ezisetshenziswa ngu-Ayanda Msweli engosini yakhe yokuxwayisa ngezingozi emgwaqeni emsakazweni Ukhozi FM. Imisakazo ivamisile ukuba nezingosi lapho izintatheli zisuke ziphawula khona ngezindaba ezithinta iminxa eminingi, okungaba impilo yabantu, ezomnotho, ezemidlalo, ezepolitiki, ezesimo sezulu kanye nezemigwaqo lapho lolu cwaningo lugxile khona. Izintatheli zinalo ilungelo lokubhala nokukhuluma ngenkululeko ezingosini zezokusakaza. Kuvamile ukuthi okushiwo abasakazi emsakazweni kusheshe kusabalale emphakathini. Okuqondene nalolu cwaningo kunakho konke izimo zokukhuluma. Izimo zokukhuluma ziyinhlanganisela yezinto ezazenzeka ezisenzeka namanje ziphindaphindeka esintwini. Abantu babezibukisisa lezo zinto zenzeka ngokuphindaphindeka maqede baqambe izimo zokukhuluma, kube ngulwazi oludluliselwa ezizukulwaneni njengoba kusenjalo namanje. lLeli phepha lihlose ukuhlaziya ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma njengesu lokuqwashisa umphakathi malungana nezinselelo obhekana nazo emgwaqeni, nendlela yokuziphatha nokuhlonipha abanye abantu emgwaqeni. Kuzogxilwa olimini olusetshenziswa kule ngosi nomthelela walo kulokhu osekubaliwe ngenhla. Ulwazi lukhiqizwe ngokukhethwa kwezinkulumo ezisetshenziswa ngu-Ayanda Msweli woKhozi FM. Kusetshenziswe ikhwalithethivu njenge dizayini yalolu cwaningo. Le ndlela ivumela umcwaningi ukuba aphume ayohlwaya ulwazi emphakathini ehlala ababambiqhaza bocwaningo. Ngaphansi kwekhwalithethivu kusetshenziswe ukusampula okubizwa ngokuqoka ngenhloso ukukhetha ababambiqhaza balolu cwaningo. Leli phepha lisebenzisa injulalwazi ye-realism ukuhlaziya ingosi yesiminyaminya somqwaqo no-Ayanda Msweli emgwaqeni esakazwa njalo phakathi nesonto ekuseni nantambama. Le zinjulalwazi zingena khaxa ezinhlosweni zalolu cwaningo. Ngempela lolu cwaningo likuvezile ukuthi izimo zokukhuluma ezisetshenziswa nguMsweli ziyisithombe sobuqiniso ngokwenzeka emphakathini.


This article investigates the figures of speech used by Ayanda Msweli in his transport slot about road traffic updates on Ukhozi FM. Radio stations often have slots where journalists comment on issues that affect many areas, such as people’s health, economics, sports, politics, weather and roads, which is where this research is focused. Journalists have the freedom to write and speak freely through media outlets. It is common for what broadcasters say on the radio to quickly spread among the public. Figures of speech are a combination of things that have happened and are still happening to humanity. This article aims to analyse the use of figures of speech as a strategy to raise public awareness about the challenges they face on the road. A qualitative design was used as a method of data collection for this study. This design allows the researcher to go out and collect data from the community where the research participants live. Under the qualitative design, purposive sampling was used to select participants for this study. This article utilises realism and functionalism as theoretical frameworks to investigate figures of speech relating to traffic jams with Ayanda Msweli on the road, which is broadcast every weekday morning and afternoon.


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117