Main Article Content

Ukushayisana kwesiko nemfundo enovelini ethi Impi yabomdabu isethunjini


Melusi Msomi

Abstract

Leli phepha lihlaziya ukushayisana phakathi kwesiko nemfundo okwenzeka enovelini ethi: Impi yabomdabu isethunjini ebhalwe ngu JC  Buthelezi ngowezi-2015. Kule noveli kubonakala sengathi kukhona ukungaqondi kwabanye abalingiswa ukuthi imfundo iyini nokuthi uma  umuntu esefundile kufanele aziphathe kanjani. Lokho kugcina sekudala uqhekeko nokungezwani emndenini. Lokhu kungaqondwa  kweqhaza elibanjwe imfundo nesiko emndenini kugcina kudale ukuthi imindeni ingasahambelani ngenxa yokungezwani okudalwa  ukusetshenziswa kwemfundo ngendlela engafanele. Kuleli phepha kuhlaziywa izinto ezidala umonakalo ekhaya uma amalungu omndeni  engaliqondi isiko okumele lenziwe uma intombazane ithole izingane ekhaya yabe isiyogana yazishiya ekhaya lezo zingane. Uma leli siko lingaqondwa, lokho kungadala omkhulu umonakalo kuze kuhlukane umuzi phakathi imbala. Inhloso yaleli phepha ukuthola ukuthi ikuphi  okumele kwenziwe uma imindeni inenkinga yokungaboni ngaso linye ekusetshenzisweni kwamasiko kanye nemfundo. Leli  phepha lihlose ukuveza ukuthi imfundo kanye nesiko kungahlanganiswa kanjani ukubumba imindeni ngaphandle kokubukelana phansi.  Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Kusetshenziswe isampula ebizwa ngeprobability kanye  nepurposive ukuthola ulwazi kubantu abathile ababambe iqhaza ocwaningweni. Insizakuhlaziya esetshenziswe kulolu cwaningo ibizwa  ngokuthi yi-Cultural theory. Le nsizakuhlaziya iveza ukuthi isiko liyindlela yokuphila elandelwa ngabantu abaningi esizweni. Lakhiwe  indlela abantu abaziphatha ngayo eyenza ukuba ligcine seliyinto eyamukelekile. Leli phepha lithole ukuthi abantu abafundile bazibona  bengcono kunalabo abangafundile abalandela amasiko. Okuvelile ngukuthi eqinisweni ukufunda okuhle ukubheka impilo ngeso elibanzi,  elikwazi ukuhlanganisa amasiko nolwazi lwemfundo ngobuhlakani nangenhloso yokwakha isizwe esisha esingacwasani ngokwezinga  lempilo.


 


English title: The conflict between culture and education in the novel Impi yabomdabu isethunjini


This article analyses the conflict between  culture and education in the novel Impi yabomdabu isethunjini by JC Buthelezi, published in 2015. Some characters in this novel seem to  lack understanding of the relationship between culture (traditional practices) and education.  Characters such as Bafana and Popi think  that culture is for uneducated people; they think education is more significant than  culture. This conflict becomes problematic because some characters end up losing everything they have, arguably because of not  adhering to their culture. Bafana and Popi think that education makes them better than other community members. This analysis uses a qualitative approach as the data-collection method. Cultural theory is used to analyse data because of how it exhibits the ways humans  interpret their environments. The findings indicate that there is a conflict between education and culture in this novel: those who had the  privilege of receiving an education think that they are better than those who are not formally educated and who adhere to cultural  practices. Those who are uneducated respect both culture and education because they believe that both are important in their lives. In  the end, the characters who do not respect and follow culture lose everything that they worked for. Those who respect and follow culture have everything they want in life. The article concludes that a good education is one that views life from a more nuanced perspective, that  can hold both life-giving traditional practices and education in high regard in order to build a nation of people that do not look down  on others. 


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117