Main Article Content

Incazelo nomlando oqukethwe emagameni aqanjwe abesifazane abashade ngaphambi konyaka we-1990 esigodini sakaGcaliphiwe eMaphephetheni


Sabelo Zamani Msomi
Nobuhle Ndimande-Hlongwa

Abstract

Leli phepha lihlola ukuqanjwa kwamagama abantu besifazane abashadile ngenhloso yokuthola umlando nencazelo. Ezikhathini eziphambili bekuwumkhuba ojwayelekile ukuthi umuntu wesifazane uma ezogana afike athole igama elisha emzini. Ngokujwayelekile abantu besifazane bebeqanjwa ngezibongo zabo okuyinto esaqhubeka namanje. Uma owesifazane oganile engowakwaBhengu ubizwa ngokuthi uMaBhengu, owakwaSithole kuthiwa uMaSithole ukuze isibongo sakhe singapheli. Okuyisisusa socwaningo ukuthi kunamanye amagama omakoti adidayo angaqondakali ukuthi achaza ukuthini nokuthi avelaphi. Yingakho inhlosongqangi yaleli phepha kuwukuhlaziya incazelo nomlando oqukethwe ngamagama aqanjwe abesifazane abashade ngaphambi konyaka we-1990. Ngokuhamba kwesikhathi nokushabalala kwesiko kweminye imizi umakoti useyabizwa nangegama lakhe kungabi ndaba zalutho uphinde uzwe nowesifazane egagula ubabezala ngegama okuyinto ekade iyichilo ngezikhathi zasendulo. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi obeludingwa ucwaningo njengoba ucwaningo beluzinze esifundazweni saKwaZulu-Natali ngaphansi kwesifunda saseThekwini esizweni saMaphephethe. Izingxoxo nabantu abadala yizona ezisetshenzisiwe ukuqoqa ulwazi locwaningo mayelana namagama ayeqanjwa abesifazane ngosuku lomgcagco. Injululwazi esetshenzisiwe ukusekela lolu cwaningo ibizwa ngokuthi i- Hermeneutics. Okutholakele ocwaningweni kuveza ukuthi amagama aqanjwe abesifazane aqukethe ukudelela, ukwamukelwa nethemba kwabasemzini, amagama obaba babo nezithakazelo.


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117