Main Article Content

Ukuqanjwa kwezikole zaseMaqadini NaseMaphephetheni ngamakhosi ngenhloso yokulondoloza umlando The naming of Maqadini and Maphephetheni schools using chiefs’ names to preserve history


Zamani Msomi

Abstract

Amagama ayinto esemqoka kakhulu. Ayikho into engenalo igama emhlabeni. Amagama aveza okuningi mayelananomqambi kanye nalowo oqanjwayo. Aqukethe izincazelo eziningi, amanye aqukethe umlando wokuzalwa kwalowo oqanjwe igama kanti amanye aqukethe imizwa yabaqambi begama. Leli phepha licwaninga ukuqanjwa kwamagama ezikole zaseMaqadini naseMaphephetheni ngamagama amakhosi akhona ngenhloso yokulondoloza umlando walezi zigodi. Abacwaningi bahlonza ukuthi ukuqanjwa kwezikole kusetshenziswa amagama amakhosi kubamba elikhulu iqhaza ekulondolozeni umlando wesizwe. Emhlabeni wonke jikelele izikole ziqanjwa amagama bese kuhluka ukuthi lawo magama aqanjwe kanjani kanye nencazelo encike kulawo magama. Leli phepha lihlose ukucubungula ukuthi amagama alezi zikole aqukethe yiphi incazelo. Leli phepha liphinde lihlose ukuhlaziya umlando oqukethwe ngamagama ezikole kanye nomthelela wawo kubafundi. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Ikhwalithethivu ivumela ukuba umcwaningi enze izingxoxo kubabuzwa abanolwazi ngesihloko. Lapha kusetshenziswe insizakuhlaziya ebizwa nge-Hermeneutics. Ibuka ubuciko obusemibhalweni okuyizindlela imibhalo edlulisa ngayo imilayezo ethile. Amagama anobuciko obuyisimanga ngoba adlulisa imiyalezo eyahlukene, le miyalezo incike kakhulu kumqambi wegama kanye nalowo oqanjwa igama. Isifundonacazelo yisona esisetshenziswe njengenjulalwazi kuleli phepha. Leli phepha lithole ukuthi kulezi zigodi ukuqanjwa kwamagama kuyinto esemqoka. Lithole ukuthi umlando wamakhosi ugcinwa ngokuqanjwa kwezinto ezimqoka ngamagama amakhosi.


Names are very important. There is nothing in the universe that does not have a name. Names portray a lot about the name bearer and what is being named. Names have different meanings. This article investigates the naming of schools at Ndwedwe in KwaZulu-Natal province under the Maqadini and Maphephetheni tribal authorities. We found that most of the schools in these places are named after their chiefs and this plays a huge role in safeguarding the history of these places. All schools have different names and meanings. The qualitative method was used as a data collection method in this article. Hermeneutics was used as the theoretical perspective to analyse the data. Hermeneutics is a discipline concerned with the art of understanding texts. One of the primary recommendations of this article is that this study should be continued so that people will know more about the history of their chiefs and schools.


 


Journal Identifiers


eISSN: 2305-1159
print ISSN: 0257-2117